
Amaphoyisa ophiko lwamaphoyisa iSouth African Police Service (SAPS) asexwayise umphakathi ngoukuthi ukugweme ukusebenzisa izinkundla zokuxhumana ukusabalalisa imininingwane engesilo iqiniso ngamaphoyisa amathathu adukile.
La maphoyisa anyamalale ngoLwesithathu ngesikhathi elibangise eLimpopo lapho abejutshwe ukuyosebenzela khoana.
Amaphoyisa akhiphe umehlokaboni ka-R350 000 kunoma ngubani ongaba nolwazi oluzoholela ekutheni kube nenqubekela phambili ngokuduka kwabo.
OLUNYE UDABA: Luyaqhubeka uphenyo kulandela ukulahleka kwamaphoyisa amathathu
Okhulumela amaphoyisa u-Athlenda Mathe uthi ukusabalalisa amanga ezinkundleni zokuxhumana akunazwelo futhi kuyadukisa.
“Izinkundla zokuxhumana ziyithuluzi elinamandla kakhulu esilisebenzisayo njenge-SAPS; ukwabelana ngolwazi, ukubheka abasolwa nokunye. Phambilini ibisisiza ngesikhathi sifuna izigebengu eziyingozi nezingenanhliziyo. Ngakho-ke, masiyisebenzise ngokuzibophezela. Lesi akusona isikhathi sokusabalalisa imininingwane engamanga. Kunemindeni esezinhlungwini. Sikhona thina okumele sifunane nozakwethu, akalula.”
UKhomishana wamaPhoyisa uGeneral Fannie Masemola uthi abafuni ukuqagela ngembangela yokulahleka kwabo okungaqondakali.
Unxuse ukusebenzisana nomphakathi, wathi ukholwa wukuthi kukhona akwaziyo.
Usehlangane namalungu omndeni wamaphoyisa amathathu.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
