Ungqongqoshe wezempilo ugxeka abasebenzi ngokupheka ukudla kweziguli ngaphandle ePMB

UNgqongqoshe wezeMpilo KwaZulu-Natal, uNomagugu Simelane, uyalele ukuthi kuthathelwe abasebenzi basekhishini laseNorthdale izinyathelo ngokuphekela iziguli ukudla emlilweni kulandela ukunqamuka kukagesi endaweni.

USimelane uphinde wachitha izinsolo ezivezwe embhikishweni obuqubuka ngaphandle kwesibhedlela eMgungundlovu ngoLwesihlanu ezithinta ukushona kweziguli nokunqamuka kukagesi.

UNgqongqoshe uthe, ukhathazeke kakhulu ebona izithombe ezisabalala ezinkundleni zokuxhumana eziveza abasebenzi belungiselela ukudla kweziguli ngaphandle wabe esecela abaphathi abakhulu ukuthi baphenye.

OLUNYE UDABA: Kuboshwe isiguli esihlasele unesi esibhedlela

“Kwatholakala ukuthi isibhedlela sithikamezekile ngenxa yokunqamuka kukagesi endaweni. Ngenkathi womathathu ama-generator esebenza, eyodwa yawo yayingasebenzi kahle iphazamisa ugesi kwezinye izingxenye zesibhedlela okubalwa nekhishi,” kusho yena.

Ngesikhathi umhlinzeki wesevisi elungisa umshini wokuphehla ugesi emahoreni ambalwa, abanye abasebenzi basekhishini babe sebeqala ukuphekela iziguli ukudla besebenzisa ama-braai stand ukudla ezindlini zokubhaka.

USimelane uthe isinqumo sokupheka emlilweni ngahandle asamukelekile futhi sephula imigomo yethu eqinile yokuphepha kokudla kanye nezimo eziphuthumayo”.

Uthe umthetho ezimeni ezifana nalezi bekufanele bathintane nezibhedlela eziseduze ukuze bathole ukwesekwa.

“Ngenxa yalokhu kuphulwa komthetho, sengivele ngicele uMnyango ukuthi uthathe izinyathelo ezifanele zokuqondiswa kwezigwegwe kulabo abephule umthetho.”

Mayelana nokukhathazeka ngqalasizinda eNorthdale, uSimelane uthe ukuqashwa kwenkontileka ezokwakha uphahla nokunye kuyaqhubeka, umsebenzi uzoqala ngesonto elizayo.

“Alikho iqiniso ngezinsolo ezithinta ukushona kweziguli nokunqamuka kukagesi. Ngingakuqinisekisa ukuthi imisebenzi yasemakhazeni ibisebenza ngokujwayelekile ngesikhathi sesigameko.

“Ngifuna ukuqinisekisa umphakathi ukuthi isibhedlela saseNorthdale sisasebenza ngokugcwele, futhi sixoxisana nabo bonke abathintekayo ukuze kuxazululwe izinkinga ngendlela eyakhayo.”

SowetanLive

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *