
Kushone abantu ababili bakwamanye amazwe ngemuva kokugwazana bodwa endaweni yase-Isithebe ezintatha zangeSonto.
Ngokusho kwamaphoyisa ophiko lwe-SAPS: “Imininingwano etholakale okwamanje ithi izisulu zombili bezihamba zombili zisuka endaweni yokucima ukoma ziphuze kakhulu utshwala ngesikhathi kuqubuka ingxabano zabe sezigwazana.
OLUNYE UDABA : Kubulawe owokufika ngesihluku eVerulam
Kubikwa ukuthi oyedwa wabo ushonele endaweni yesigameko kanti omunye utholwe ngamalungu omphakathi endaweni ebuqamama nalapho okwenzeke khona isigameko kanti kukholakala ukuthi naye ushone ngenxa yamanxeba amaningi okugwazwa.”
Omunye umuntu wokufika okunguye owabona isigameko senzeka uphekwa ngemibuzo ngamaphoyisa.
