
Umphakathi uyanxuswa ukuba uqaphele isexwayiso sezulu esikhishwe ngabakwa-South African Weather Service (SAWS) sakuleli sonto.
Kubikezelwa isimo sezulu sika-level 2 lapho kuzoba khona ukuduma kwezulu okuhambisana nemvula, kusukela namuhla kungumhlaka-8 June kuze kushaye umhlaka-10 June ngoLwesibili.
Kuphinde kwabikezelwa ngesimo sezulu sika-level 4 esilindeleke KwaZulu-Natal lapho kuzoba nomoya omkhulu ongadala umonakalo kusukela ngoLwesibili kuze kube nguLwesine.
Kubalwa nesifunda saseThekwini kuzo zonke izizibikezelo zezulu.
OLUNYE UDABA: Kulindeleke ukuduma kwezulu okunamandla KwaZulu-Natal
Imvula nomoya omkhulu kulindeleke kusukela namuhla ezingxenyeni zesifundazwe iKwaZulu-Natal.
Lokhu kuzoqhubeka kuze kube ngoLwesine ekuseni kanti futhi kungase kubangele ukugcwala kwemigwaqo, amabhuloho nezindawo zokuhlala ezigudla ngasogwini.
Ukuna kwemvula kungase kuphinde kubangele izimo ezingekho kahle zokushayela, ukulimala kwengqalasizinda, ukucekelwa phansi kwezindlu ezakhiwe ngodaka, ukugcwala kwemimfula nemuhosha nokunye.
Abashayeli bezimoto bayanxuswa ukuba baqaphe kakhulu futhi bagcine ibanga eliphephile uma beshayela emigwaqweni emanzi.
Uphiko lukaMasipala lokuLawulwa kweziNhlekelele kanye nabezimo eziphuthumayo bavivile.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
