Umndeni uqinisekise ukuthi uDD Mabuza ushone esibhedlela ngenxa yezinkinga zokuphefumula

Umndeni kalowo owayeyiSekela likaMengameli ongasekho uDavid Mabuza uthi ushonele egumbini lezimo eziphuthumayo esibhedlela saseGauteng ngesikhathi odokotela bemxilonga ngemuva kokuthola kunzima ukuphefumula.

Okhulumela umndeni uDesmond Moela esitatimendeni esikhishwe ngoLwesihlanu ekuseni uthe uMabuza uphuthunyiswe esibhedlela ngoLwesine ukuze athole usizo oluphuthumayo kodwa akazange aphumelele.

“Ukudlula kwakhe emhlabeni kusizumile, kanti udlule esegunjini labezimo eziphuthumayo ezungezwe ngonodokotela abebemsiza. UMbuza obengumyeni, ubaba, umfowethu, nensika emndenini wakwaMabuza, uzokhunjulwa kakhulu ngothando lwakhe, ukunakekela nokuzinikela kwakhe ukuze kuphile kahle umndeni wakhe kanye nabo bonke abasondelene naye.

OLUNYE UDABA: Akasekho emhlabeni owayeyiSekela likaMengameli

NgoLwesine, uMoela utshele iSowetan ukuthi wagcina ukukhuluma noMabuza ngasekuqaleni kwalolo suku.

“Besikhuluma ngezinto ezijwayelekile kanye nomndeni. Ngisalimele. Sihlukumezeke kakhulu ngalokhu,” kusho uMoela.

UMengameli uCyril Ramaphosa uthumele amazwi enduduzo emndenini kaMabuza, abangani kanye nozakwabo.

“Siphatheke kabi namuhla ngokulahlekelwa umholi owayegxile kwezobushoshovu esanda kuqala kwezepolitiki futhi oweza ukuzohola isizwe sethu nokubumba ubudlelwano beNingizimu Afrika nezwe lakithi kanye nomphakathi wamazwe omhlaba endimeni yakhe njengesekela likamengameli,” kusho uRamaphosa.

SowetanLive

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)