UNgqongqoshe uButhelezi uhlinzeka ngosizo lwesikhashana wahlola umthelela wezinhlekelele kuMasipala wendawo yaseMshwathi

UNgqongqoshe wezokuBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu KwaZulu-Natali (Cogta), uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, namuhla uhambele izindawo ezihlaselwe yizimvula ezinamandla ngaphakathi koMasipala weNdawo yaseMshwathi ukuzohlinzeka ngosizo lwesikhashana nokuhlola ubukhulu bomonakalo odalwe yimvula enkulu yakamuva kanye nezikhukhula ezalandela.

Ukuvakasha kukaNgqongqoshe kulandela izehlakalo zemvula enkulu kanye nezikhukhula ezibikwe ngeSonto lwangomhlaka-23 November 2025, okuholele emonakalweni omkhulu kanye nokuphazamiseka kuwo wonke amaward ahlukene, okubalwa kuwo iNew Hanover (Shiyabazali), iMishani, iDalton/Cool Air (Loliwe, Sphothom, Mkhushwa), kanye neKamelhoek.

Kubikwa ukuthi kuthinteke abantu abangu-465 abantu abavela emindenini engu-108. Kubhidlike imizi engu-117 (engu-50 yonakele kancane kanti engu-67 zibhidlike zaphela), okushiye abantu abangu-79 bengenamakhaya.

OLUNYE UDABA: Iyaqhubeka imizamo yokufuna abamuke nezikhukhula eNew Hanover namuhla

Ngeshwa, kushone umuntu oyedwa osaqinisekisiwe, kanti abantu ababili bebengakatholakali.

UNgqongqoshe uButhelezi ubehambisana neMeya yakuMasipala weNdawo yaseMshwati uCllr Mandla Zondi.

UNgqongqoshe uncome ukushesha nokuhleleka okuvela eminyangweni eyahlukene kahulumeni kanye nabalingani bezenhlalo, okubalwa kuzo; iRed Cross, iThemba Njilo Foundation, i-Alimdaat Foundation kanye neGift of the Givers abaye baba nesandla ekulethweni kosizo emindenini ethintekile.

Njengamanje izinyathelo zokusiza ngokushesha ziyaqhubeka, ezihlanganisa ukuhlinzekwa kwalokhu:

  • Ukudla okuphekiwe nezingubo zokulala.
  • Amaphakethe okuhlanzeka kanye nezipontshi.
  • Ukusekelwa kwendawo yokukhosela ephuthumayo.

IZITHOMBE: