
USiyabonga Gezani Ndimande noMalusi Dave Ndimane bavele okwesibili eNkantolo yeMantshi yaseThekwini namuhla kulandela ukubiyiswa kwabo eNingizimu Afrika besuka eSwatini emasontweni amabili edlule.
Laba bobabili bathweswe amacala ahlukene okubalwa kuwo ukubalwa kuka-Kiernan Forbes (AKA) noTebello Motsoane (Tibz).
OLUNYE UDABA: Abukho ubungozi obenziwe ngokubuyisa izelamani zakwaNdimande kuleli
Amacala ababhekene nawo kubalwa ukwakha uzungu lokubulalal, amacala amane okubulala, uhide lwamacala okuzama ukubulala, ukutholakala nezibhamu nezinhlamvu ezingekho emthethweni, ukushushumbisa imali namanye.
Icala lihlehlele u-09 January 2026 ukuze abameli bafake isicelo sokuthi umbuso ubanike imininingwane ethile maqondana nokubuyiswa kwababangalelwa kuleli.
