
Njengoba ingqungquthela ye-G20 isiphelile, uMengameli uCyril Ramaphosa uthi izivumelwano ezenziwe ngesikhathi sengqungquthela yabaholi zizosiza ekudalweni kwamathuba emisebenzi ezweni.
Ukhulume ngempumelelo yeNgqungquthela Yabaholi be-G20 yezinsuku ezimbili, ebibanjelwe eGoli ngempelasonto.
UMengameli uCyril Ramaphosa uhalalisele ubumongameli be-G20 baseNingizimu Afrika, ethi buzoqinisa indima yezwe emhlabeni jikelele.
URamaphosa uthi iNingizimu Afrika ifuna ukubeka ukukhula nentuthuko ye-Afrika enhliziyweni ye-G20.
OLUNYE UDABA: “INingizimu Afrika isikulungele ukusingatha ingqungquthela ye-G20 eyingqophamlando”
UMengameli uthi iNingizimu Afrika ithole izibopho eziningana emphakathini wamazwe omhlaba, okuhlanganisa nokubhekana namazinga aphezulu ezikweletu e-Afrika.
Abaholi be-G20 baphinde bavumelana ngesidingo sokwanda kokutshalwa kwezimali emhlabeni wonke ukuze kuthathwe izinyathelo ngokuguquguquka kwesimo sezulu, nokuyinto, ngokusho kukaMengameli Ramaphosa, egcizelela ukuguquka kwamandla okulingana eNingizimu Afrika.
URamaphosa uthi lokhu kube yi-G20 Yabantu futhi ubonge abantu baseNingizimu Afrika ngokuphinde babonise umoya wobuntu.
