
UColonel Boysie Zungu oyiSikhulu Sezokuxhumana Samaphoyisa aseThekwini, obehambele uMhlangano Wokulawula Nokuphepha kwe-KZN E-hailing obewubanjelwe e-Durban ICC ngaphansi kwendikimba ethi: “Enhancing Safety and Compliance in the E-hailing Sector” ugcizelele ukubaluleka kokuphepha kwabashayeli nabagibeli be-e-hailing.
UZungu weluleke abagibeli ngokuba kubekhona abasondelene nabo ababathembayo abazobanika imininingwano yohambo lwabo ephawula ukuthi kuba lula ukukuthola uma kukhona okubi okwenzekayo. Wanxusa abashayeli ukuba nabo baqaphele ngaso sonke isikhathi lapho belanda khona abagibeli.
OLUNYE UDABA: ISANTACO nabama-e-hailing sebewuqalile umsebenzi wokusebenza ngokubambisana
UZungu ukushayele ihlombe ukufakwa kwama-panic button ezimotweni ze-e-hailing njengesinyathelo sokuphepha esengeziwe.
Esephetha uZungu ukhuthaze abashayeli be-e-hailing ukuba balandele yonke imithethonqubo yeNational Land Transport Act egcizelela ukubaluleka kokugcina izimoto ezisesimeni esikahle sokuba semgaqweni ukuqinisekisa ezokuphepha nokulethwa kwezinsizakalo zezokuthutha ezifanelekile nezithembekile.
IZITHOMBE:



