kuhlolwa isimo sokulunga ezikhumulweni zezindiza okuzofikela kuzo izikhulu ezize kwingqungquthela ye-G20

UMqondisi-Jikelele woMnyango Wezemisebenzi Yomphakathi kanye Nengqalasizinda, phecelezi the Department of Public Works and Infrastructure(DPWI), uSifiso Mdakane, namuhla uhlola isimo sokulungela ezikhumulweni zezindiza ezibalulekile ngaphambi kweNgqungquthela ye-G20.

Lokhu kuhlola kwenzeka esikhumulweni sezindiza; iLanseria International Airport, e-O.R. Tambo International Airport kanye naseWaterkloof Military Air Base, lapho kuzofikela khona iziNhloko Zezwe zomhlaba wonke.

OLUNYE UDABA: “INingizimu Afrika isikulungele ukusingatha ingqungquthela ye-G20 eyingqophamlando”

Lo mnyango wenza lokhu ukuqinisekisa ukuthi yonke ingqalasizinda ehlinzekwe imisebenzi yamaphoyisa ophiko lwe-SAPS isebenza ngokugcwele futhi ilungile.

Le ngqalasizinda izosetshenziswa ngamaphoyisa akwa-SAPS okuyiwo azokwamukela, avikele aphinde athuthe iziNhloko Zezwe ezivakashile.

UMnyango wenza lo msebenzi ukuqinisekisa ukuthi izivakashi zifika kahle, ziphephile futhi kunokuhleleka ngesikhathi seNgqungquthela ye-G20.

IZITHOMBE:

DPWI