
Amaphoyisa ase-Eastern Cape aphenya ngezinsolo zokutholakala kotshwala ezinganeni ezisencane ngemuva kokusabalala kwe-video ezinkundleni zokuxhumana ezahlukene iveza izingane ezisencane ziphuza utshwala ngosuku lukaKhisimusi.
Le video esabalale ezinkundleni zokuxhumana ngeSonto, izingane eineminyaka ephakathi kweyisishiyagalombili neyishumi nambili ubudala zibonakala ziphethe ibhodlela eliluhlaza futhi ziphuza okubonakala sengathi utshwala phambi kwabantu abadala.
Enye yezingane izwakala ibuza ukuthi kungani kungafanele iphuze utshwala, ithi uKhisimusi.
OLUNYE UDABA: Owethaveni okwashona kuyo izingane ezingu-21 uvumile ukuthi kwamhlula ukuzivimba
Amaphoyisa aseNgqamakhwe avule icala lobugebengu ngemuva kokusabalala kwe-video etshengisa izingane ziphua utshwala ngosuku lukaKhisimusi.
Okhulumela amaphoyisa uBrigadier Nobuntu Gantana uthe ngoLwesibili uphenyo luholele amaphoyisa emndenini oseKhothane Administrative Area, eSantini Location, eNgqamakhwe.
Lesi sigamekosibandakanya izingane ezinhlanu, eneminyaka engu-12 ubudala (omdala), ezimbili ezineminyaka engu-11 ubudala kanye nezimbili ezineminyaka engu-8 ubudala.
UGantana uthe akukaboshwa muntu okwamanje.
“Uma uphenyo seluphothuliwe, icala lizodluliselwa eHhovisi loMqondisi wezokuShushiswa koMphakathi (the Director of Public Prosecutions – NDPP) ukuze kuthathwe isinqumo ngendlela eya phambili.
