UNDLUNKULU USIHLE MDLULI WAMUKELWE NGENKULU INHLOKOMO EMKHOSINI WELEMBE EKWADUKUZA

Namuhla, eStanger High Sports Ground, abantu bebephuma ngobuningi babo bezobungaza uMkhosi weLembe umkhosi omkhulu wokuhlonipha amagugu esizwe samaZulu. Lo mkhosi uyingxenye yokugubha uSuku Lwamagugu eNingizimu Afrika, futhi unyakazise inhliziyo zabantu abaningi ngenkulumo, izithombe nezilokotho ezenzakale khona.

Okube sezingeni eliphezulu kakhulu namhlanje kube ukufika kuka Ndlunkulu wesilo uMisuzulu kaZwelithini, uNdlunkulu Sihle Mdluli, ohambele lo mcimbi eKwaDukuza. Ukufika kwakhe kuhambe nenjabulo enkulu wamukelwe ngenkulu inhlokomo, izibongo, nezithokozo eziphuma enhliziyweni yabantu.

UNdlunkulu Sihle Mdluli ubewumfanekiso obonakalayo wesithunzi, isithozela nobuhle bamasiko engowokugcina wesilo uMisuzulu, kusukela kwaqala ukubusa. Ubukhona bakhe bubonakalisile ukubaluleka kwabesifazane abaholayo ngaphakathi kwesigodlo kanye nesandla sabo ekwakheni isizwe esihloniphayo amasiko.

https://web.facebook.com/share/p/1CsKDw8A6X

UMkhosi weLembe lona uqhubekile nomgubho wokuhlonipha amakhosi edlule, umlando wesizwe, nobumbano lwamaZulu, uhlonipha ikakhulukazi inkosi uShaka Zulu owaduma ngokuhlanganisa izizwe. Le mikhosi ayigcini ngokuba yizigameko zomlando iyinqaba yesintu lapho kuhlanganyelwa khona amasiko, isiko, nobuqotho.

Lungani Mnguni