
UNgqongqoshe wezokuThutha nokuHlaliswa kwaBbantu KwaZulu-Natal, uSiboniso Duma, kulindeleke ukuthi angenelele ngemuva kokuba owesifazane oqhamuka kwisiFunda sikaMasipala waseMzinyathi obhekene nobunzima exhumane nehhovisi lakhe ecela usizo ngemuva kokushona komyeni wakhe eRussia.
Okhulumela umnyango, uNdabezinhle Sibiya uthe uSibonelo Ndwandwe waseKranskop uthole ngomhlaka-28 March ukuthi umyeni wakhe, uSihle Makhaye, oneminyaka engu-44 akasekho emhlabeni. Kubikwa ukuthi ushone eRussia ngemuva kokuba kuthiwe uthole umsebenzi wokuba ayolwa empini ephakathi kweRussia ne-Ukraine.
OLUNYE UDABA: Abahlaziyi: Kumele babhekane namacala engeziwe abasolwa ngokuqasha abakuleli ukuyoba yingxenye yempi yaseRussia
Lo mama ucele usizo lukaDuma ukuqinisekisa ukuthi umzimba womyeni wakhe ubuyiswa ezweni.
Uphinde wathumela izincwadi ezichazayo ngokuthunwa komyeni wakhe okubala ukungcwatshwa kwamasosha ezimpi eRussia noma ukulothiswa komzimba kanye nokubuyiselwa ezweni lakubo, kanjalo nokuthi izindleko kuyomele zikhokhwe ngumndeni.
Noma yimaphi amalungiselelo azodinga ilungu lomndeni ukuthi liye eRussia.
“UDuma unikeze, uMax Mbili, oyi-HoD kwa-Human Settlement umsebenzi wokuhola ithimba elivela kwi-Human Settlements ukuthi liyohlola umndeni,” kusho uSibiya.
USibiya wengeze ngokuthi umndeni kubikwa ukuthi uhlala endlini yodaka kanye nendlu yoxhaso lukahulumeni i-RDP eyakhiwe ngemuva konyaka ka-1994, nokuthi umnyango uphezu komsebenzi wokuthola izindlela zokusekela ezifanele.
