Kushone abangu-8 engozini enyantisa igazi ngaseSiphingo

Sekushone abantu abayisishiyagalombili eLotus Park, eSiphingo, eninginzimu yeTheku namuhla ekuseni.

Ingozi yenzeke phakathi kwetekisi neloli.

Abosizo lokuqala i-ALS Paramedics kanye nezinye izimo eziphuthumayo basendaweni yesigameko kanti ezinye zilibangise khona.

OLUNYE UDABA: Izingozi eziningi emgaqweni ‘eshelelayo’ yase-KZN

Okhulumela abosizo lokuqala uGarrith Jamieson uthi le nhlekelele yengozi yenzeke ku-R102, eduzane naseLotus Park.

UJamieson weluleke abashayeli ukuba bakugweme ukuhamba ngakulo mgwaqo.

“Kuyisibhicongo impela, kwaphangalala inqwaba yabantu, indawo yesigameko isavaliwe.”

Lolu udaba oluqhubekayo.