
UMasipala waseThekwini ufisa ukugcizelela ukuthi indawo iDrive-In eThekwini isavaliwe futhi ayisasebenzi njengesikhungo sesikhashana sokubuyiselwa kwabantu emazweni abo.
Naphezu kokukhishwa kwemibiko eqinisekisa ukuvalwa kwale ndawo, uMasipala usuphawule ngokukhathazeka ukuthi abanye abaqashi bezizwe zakwamanye amazwe ezingenazo izincwadi bayaqhubeka nokuyoshiya abasebenzi babo ngaphandle kwale ndawo i-Drive-In.
Umphakathi, abaqashi kanye nabaqhubi bezokuthutha bayanxuswa ukuba bakugweme ukuhambisa izakhamuzi zakwamanye amazwe kule ndawo, njengoba kungekho zinsizakalo ezihlinzekwayo kule ndawo.
Isikhungo sesikhashana sokucubungula ukubuyiselwa kwabantu bamanye amazwe abangenazo izincwadi sesiseMusina, eLimpopo, ngaphansi koMnyango wezaseKhaya.
OLUNYE UDABA: Siyehla isibalo sabokufika eDurban Drive-in site
UMasipala ufisa ukucacisa ukuthi konke okuphathelene nabantu bakwamanye amazwe abangenazo izincwadi kubikelwe uMnyango wezaseKhaya hhayi uMasipala.
UMasipala uthi awukho esimeni sokuphawula ngenqubo yokubuyisela abantu emazweni abo.
Amalungu omphakathi kanye nabezindaba bayacelwa ukuthi baqondise yonke imibuzo emayelana nalolu daba kuMnyango wezaseKhaya, okuyiwo onegunya lokunikeza ulwazi kanye nokuphawula.
UMasipala uphinde wathi imashi ebibanjwe ngomhlaka-30 June ibinokuthula futhi ihlelekile, zibanga khona izigameko ezinkulu zobudlova, ukudlula emhlabeni kwabantu noma umonakalo omkhulu kwingqalasizinda ebikiwe kulo lonke iDolobha.
