Kuzophazamisela ukuqukulwa kwendebe yeMotsepe Championship ngenxa yamacala

Inhlangano eyengamele ibhola kuleli iPremier Soccer league okuyi-PSL ngamafuphi isikhiphe isitatimende lapho khona ithi iqembu elizoba umpetha weMotsepe Foundation Championship angeke beze bemnikeze indebe osukwini lwangesonto njengoba kuzobe kusongwa isizini ka-2024 /25.

I-IPsl ithi isizathu salokhu ingoba kuesekhona amacala asekhona okusafanele ahlale mase kuphunywa nezinqumo.

OLUNYE UDABA: IMamelodi Sundowns isingompetha abasha beBetway Premiership

IDurban City yala KwaZulu-Natal iyona eqwakele kwiMotsepe Foundation kanti futhi isidinga iphuzu elilodwa ukuze ibe ngompetha beMotsepe Foundation, bazihola phambili ngamaphuzu angu-55 emidlalweni engu-29 kanti endaweni yesibili kulele i-Orbit College yona enamaphuzu angu-52.

Umdlalo wokugcina weDurban City izotholana phezulu neCape Town Spurs, eKapa kuthi i-Orbit College yona idlale neLeruma United.

Andile “Andizo” Mthembu

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *