
Uhulumeni ukhuthaze iqembu lebhola leSizwe iBafana Bafana, abaqeqeshi kanye nabanye ukuba bangapheli amandla futhi bazethemba njengoba belungiselela imidlalo yabo esele emqhudelwaneni weNdebe Yomhlaba yeFIFA ka-2026.
IBafana Bafana ihlulwe yi-Mexico ngo 2-0, emdlalweni wayo wokuqala wamaqoqo ngoLwesine ebusuku.
Iphini lokhulumeli uhulumen uWilliam Baloyi uthi iNingizimu Afrika isaziqhenya ngeBafana Bafana futhi isanethemba lokhu isazokwenza kangcono emdlalweni yayo esele.
OLUNYE UDABA: Ungene eqenjini le-MLS All Stars uTLB
IBafana Bafana ilahlekelwe ngumdlali engxenyeni ngayinye ngemuva kokuthi uSiphephelo Sithole noThemba Zwane bethole amakhadi abomvu. USithole noZwane bobabili bazophuthelwa umdlalo olandelayo bedlala neCzech Republic ngoLwesine oluzayo.
Abanye abalandeli bebhola bagxeke indlela edlale ngayo iBafana Bafana kanye nomqeqeshi uHugo Broos, ngemuva kokuba iqembu lihlulwe ngo 2-0 emdlalweni wabo wokuqala weNdebe Yomhlaba yeFIFA, e-Estadio Azteca, ngoLwesine ebusuku.
Khonamanjalo, abalandeli bebhola baseNingizimu Afrika bazwakalise ukudumala kwabo ngomdlalo weBafana Bafana kade idlala neMexico njengoba beqala umkhankaso wabo weNdebe Yomhlaba yeFIFA, kanti abanye bafuna kuxoshwe umqeqeshi uHugo Broos.
