IZITHOMBE: Izingane zesikole zibhema i-fire extinguisher

Umkhuba omusha noshaqisayo osusabalale ezikoleni nokuyinto engaphetha ngokuphuma komphefumulo ngemizuzwana embalwa.

Abosizo lokuqala eGoli i-Emergency Management Service (EMS) iphakamise ukukhathazeka okukhulu ngemuva kokuvela kwevideo eshaqisayo ezinkundleni zokuxhumana etshengisa abafundi besikole bebhema i-fire extinguisher.

Lo mkhuba, owaziwa ngokuthi “i-Chuff”, wenza izingane ukuba zibheme i-chemical powder evela kwi-fire extinguisher, okuyisenzo izikhulu ezixwayisa ngaso ukuthi singaba nemiphumela emibi.

OLUNYE UDABA: Zimkhalele obanjwe nenqwaba yezidakamizwa ePhoyinti, eThekwini

Okhulumela i-EMS uRobert Mulaudzi uthi ama-Fire Extinguisher enzelwe ukucisha umlilo, hhayi ukubhenywa.

UMulaudzi uxwayise ngokuthi kuyingozi kakhulu ukuhogela leli khemikhali i-dry chemical powder noma i-CO2.

Uthi ukubhema ifire extinguisher kungadala izinkinga empilweni yomuntu futhi kungaholela ekutheni umuntu abene-pneumonia, ukudlikiza noma ashone.

UMulaudzi unxuse abazali ukuba bangenelele ngokushesha ngaphambi kokuba kwenzeke inhlekelele.

Izithombe: