
Ubuholi bukaMasipala iNkosazana Dlamini-Zuma KwaZulu-Natal buziphikile izinsolo zokudayisela abokufika umhlaba.
Izakhamuzi zaseDonnybrook zikhala ngokuthathwa komhlaba ngokungemthetho okwenzeka emphakathini waseMidlands.
Lezi zakhamuzi zifuna zonke izingxoxo ezimayelana nokwabiwa nokuphathwa komhlaba wendawo zihlale obala.
Izakhamizi ziphinde zahambisa incwadi echaza ngezinto ezikholwa wukuthi akulandelwanga ngendlela efanele.
OLUNYE UDABA: Izisulu zezikhukhula e-EC zenzelwe omazisi nezitifiketi zokuzalwa ezintsha
Noma kunjalo, iMeya uSindisiwe Msomi ithi umasipala awunalo ilungelo lokudayisa umhlaba okungewona owawo.
“ Sithole amatayitela kubanikazi bomhlaba bethi lo mhlaba ngowabo, okumele sikwenze ukubakhokhisa ama-rates nje. Asibububheki nobuzwe babo ngoba akukho semandleni ethu ukuhlola ubuzwe babo.
“Omazisi babo babathola kuMnyango wezaseKhaya. Umhlaba bawuthenga kubanikazi bomhlaba abazimele, hhayi komasipala.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
