Odilikajele kwabalahlwe ngelokubulala eCornubia

INkantolo eNkulu eThekwini igwebe uSiphamandla Makhanya, 39, noMxolisi Percy Hadebe, 40, udilikajele ngecala lokubulala lwangomhlaka-12 January 2021 eCornubia.

Umufi uSduduzo Innocent Magwaza, 45, wayeyilungu le-Africa National Congress (ANC) futhi wayephakanyiselwe ukuba wusihlalo kuwadi 102 okhethweni olwaluzoba khona.

UHadebe noMagwaza babazana futhi bengamalungu ekomiti elalisebenza indaba yamathenda endaweni.

UMagwaza wayeneqhaza elikhulu ekuphumeni kwamathenda kuwadi 102 futhi ukukhethwa kwakhe abe wusihlalo kwakuzomnika amandla amaningi.

Ngaleso sikhathi uHadebe wayengenawo amathenda futhi ingekho imali eyayingena.

OLUNYE UDABA: Bagwetshwe kanzima ababulala umuntu eMlazi

Ngomhlaka-29 December 2020 uMakhanya waya eCornubia. Kuthe emuva kwesikhathi efikile wezwakala exoxa ukuthi uze ukuzosoconga usopolitiki. Wayethi uma esho lokhu, uHadebe wayembizela eceleni amkhuze.

Ngomhlaka-12 January 2021 uHadebe wachitha isikhathi noMagwaza. Wamhambisa ngemoto emhlanganweni wase emhambisa nasendlini. Ntambama ngalolo suku uHadebe wahambisa uMakhanya ngasemzini kaMagwaza.

UMagwaza wasuka kumngani waya emzini wakhe wangena ngomnyango wasekhishini. UMakhanya wamdubula esikhaleni sesango ngomnyango.

UMagwaza walimala kabi waphuthunyiswa esibhedlela wafika washonela khona. Kwaboshwa uMakhanya noHadebe.

Sekuqulwa icala u-Advocate Elvis Gcweka, wethule ubufakazi bokukhonjwa kwabamangalelwa nokulapho ofakazi bahlonza khona uMakhanya. Bangu-15 ofakazi ababiziwe kubalwa nezihlobo zikaMagwaza nomakhelwane bakhe.

Kubizwe namaphoyisa ophiko I-Political Task Team. UGcweka uveze nokuthi ukubulala kwahlelwa kahle. Uveze nokuthi uMagwaza wayeyilungu lomphakathi eliqavile kodwa wabulawa ngesihluku.

U-Advocate Gcweka ekhonga isigwebo esiqinile, wethule isitatimende selungu lomndeni kaMagwaza, elisibhale leluswe wuThandeka Nadi Mofokeng oyi-Court Preparation Officer.

Uthe umndeni wonke ubuthembe uMagwaza. Uthe uMagwaza ubenomoya omuhle ethanda umphakathi phakathi nomndeni wakhe. Uthe kuyashaqisa ukuthi uHadebe wayephambili ekubulaweni kwakhe ekubeni wumngani othembekile.

Ngaphezu kwesigwebo inkantolo inqume ukuthi abamangalelwa abafanelwe wukuphatha wukuba nemvume yokuphatha isibhamu.

I-National Prosecuting Authority iyasithokozela isigwebo futhi sincoma ukubambisana phakathi wabashushisi, yi-Political Task Team yaseKZN nezinye izinhlaka. Sinethemba lokuthi isigwebo sizoxwayisa nabanye.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)