
I-National Prosecuting Authority (NPA), iyamukela isigwebo sodilikajele ababili neminyaka engu-6 esitholwe yindoda eneminyaka engu-41 ubudala eNkantolo eNkulu yaseThekwini ngemuva kokulahlwa ngamacala okubulala, ukuzama ukubulala izingane, ukushaya nokucekela phansi impahla.
Izigameko zenzeka eSinembe Estate oThongathi ngoDecember 2024.
Ummangalelwa wayehlala nesisulu esingumama wezingane ezithintekayo eneminyaka engu-37 ubudala.
Ummangalelwa wayenesikhwele ehlukumeza umama wezingane wayemshaya njalo kusukela baqala ukuhlala ndawonye. Wayemshayela endlini ababehlala kuyona kwaze kwaba umama wezingane uyaphuma uyocasha komakhelwane esabela impilo yakhe.
Ngesikhathi eshawa, izingane zazidlala buqamama nendlu nokwenza kwaba nzima ukuthi umama azithathe ngesikhathi ebaleka.
OLUNYE UDABA: Kuboshwe umnikazi wethaveni ‘ngokubulala’ obekweleta
Wakwazi ukwenza izinhlelo zokuthi izingane ziyolala kumakhelwane. Ngakusasa ummangalelwa washisa zonke izimpahla zesisulu. Wasuka lapho wayolanda izingane kumakhelwane ngaphandle kwemvume kamama wazo. Wahamba nazo endlini yakhe wafika wayalela enye ingane ukuthi isale endlini ngesikhathi ehamba nenye eya nayo ehlathini. Wafika ehlathini wagenca ingane ngocelemba wayishiya khona lapho ishonile.
UMalukopo wabuyela endlini walanda enye ingane waya nayo ehlathini. Kuthe uma efika khona wayishaya nayo eyigenca ngocelemba eyigwaza ngebhodlela ebusweni wayishiya ethi ishonile. Ingane yatholwa wumuntu owayedlula wabiza i-ambulensi yahanjiswa esibhedlela.
Kwabikwa udaba emaphoyiseni kwaboshwa ummangalelwa ngemuva kokuba ehlonzwe ngamaphoyisa.
Kuthe udaba selusenkantolo, ummangalelwa wahlambuluka wavuma amacala kodwa ukuhlambuluka kwakhe kwachithwa ngoba kukhona lapho ayegwegwesa khona engavumi ngokuphelele.
UMshushisi u-Advocate Nadira Moosa ubize ofakazi okungumgilwa ongumama wezingane nengane eyasinda. UMshushisi ekhonga isigwebo esinzima wethule isitatimende samama wezingane asibhale eluswe wuNadi Mofokeng oyi-Court Preparation Officer.
Umama wezingane uthe kunzima ukwemukela ukuthi ingane yakhe ibulawe wumuntu obethi uyamthanda futhi ucishe wafelwa yingane ngenxa yakhe lo muntu. Ummangalelwa ugwetshwe udilikajele ngecala lokubulala, udilikajele ngokuzama ukubulala, iminyaka emihlanu ngokushaya nonyaka owodwa ngokucekela phansi impahla.
I-NPA inethemba lokuthi isigwebo sizoxwayisa nabanye abagila imikhuba yodlame lobulili. Umphakathi unejoka lokuvikela ababuthaka ikakhulukazi izingane.
Ummangalelwa kulolu daba usebenzise kabi ukwethenjwa kwakhe wagila umndeni wakhe. I-NPA ayiguquki esifungweni sayo sokulwela abagilwa bobugebengu bathole ubulungiswa.
