
Iqembu lesizwe lika-under 20 elinqobe umqhudelwano we-Afcon osukwini lwayizolo lishaya iMorocco ngegoli elilodwa eGibhithe izolo ebusuku.
Sekuvele ukuthi lizohlonyuliswa ngamaselula akwa “Honor”, wonke umdlali obe yingxenye yalo mqudelwano uzothola iselula, kanti futhi leli qembu lizophinde lihlonyuliswe ngo-R230 000.
OLUNYE UDABA: Kuqhume injabulo Amajita enqoba AFCON
Ukunqoba kwaMajita izolo kujabulise wonke umuntu eNingizimu Afrika njengoba umdlali ovelele walo mqhudelwano uqhamuke kuwona Amajita, insizwa esencane uTylon Smith, kwathi unozinti ovelele kwaba nguFletcher Lowe.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
