
Isigameko esishaqisayo sishiye umphakathi waseMaubane uthuthumela ngemuva kokuthi owesifazane osemusha, ohlonzwe ngelikaKgaogelo Nnonu, egwazwe ngesihluku wafa yisoka lakhe ngaphandle kwaseDubai Tarven ngoLwesine ekuseni.
Ngokwemibiko, umsolwa ugwaze uKgaogelo amanxeba amaningi ngaphambi kokuba abaleke endaweni yesigameko. Okuphinde kwacasula umphakathi wukuthi umsolwa ngokuhamba kwesikhathi ungene ezinkundleni zokuxhumana lapho lafaka khona incazelo ehlukumezayo ngokuthi kungani embulele.
Amalungu omphakathi azwakalise ukudabuka kwawo, echaza uKgaogelo ungowe sifazane osemusha nobe nekusasa eqhazakazile, osenqanyulelwe impilo yakhe ngesenzo sobudlova obusekelwe ngobulili.
OLUNYE UDABA: Kuthungathwe umsolwa owabulala izelamani ngesikhathi engaphandle ngebheyili eKZN
I-SAPS yaseMakapanstad ibingakasikhiphi isitatimende esisemthethweni ngalolu daba. Akukacaci noma umsolwa ubanjiwe noma sekukhishwe incwadi egunyaza ukuthi aboshwe.
Lesi sigameko esibuhlungu sengeza enanini elikhulayo lezigameko zodlame olubhekiswe kubulili ezibikwayo ezweni lonke, izinhlangano ezilwela amalungelo abantu ziphinde zanxusa iziphathimandla ukuthi ziqinise imizamo yazo ekuvikeleni abesifazane kanye nokuqinisekisa ukuthi abenzi bokubi babhekana nengalo yomthetho.
