Akasekho emhlabeni owayengummeli kaMandela

U-Ismail Ayob ushone eneminyaka engu-83 ubudala.

U-Ayob wayedume ngokulwa amacala amalungelo abantu ngesikhathi sobandlululo.

Lo mmeli wayemela iziboshwa eziningi zezombusazwe, ikakhulukazi owayenguMengameli uNelson Mandela.

OLUNYE UDABA: Alisekho emhlabeni inxusa laseFrance, uNathi Mthethwa

Waphinde wavikela uWinnie Mandela ngesikhathi equliswa icala ngesikhathi secala lokuthumba likaStompie Moeketsi.

Waxabana noMadiba ngemuva kokukhokhela izingane nabazukulu bomholi wezwe omdala ngeNelson Mandela Trust.

U-Ayob wacelwa ukuba ayeke ukulawula i-Trust kuphela.

eNCA