Kuzonandisa noZakes Bantwini kwiHollwoodbets Durban July

Abathandi bomdanso nomculo bazozwa ubumnandi abangakaze babuzwe phambilini kwiHollywoodbets Durban July ka-2026.

Kwabazobe benandisa ngosuku olukhulu lomjaho wamahhashi, wumculi oyintandokazi yeningi nowake waklonyeliswa nge-Grammy Award uZakes Bantwini, okunguye ozobe ehamba phambili esiteji esikhulu sePulse, ngoMgqibelo wangomhlaka-4 July 2026.

UZakes Bantwini ophinde aziwe nge-King of Dance uzojoyinwa ngabanye abaculi be-pop ne-house.

UBantwini ozalelwe eThekwini uthi akasakwazi ukulinda usuku lapho azobe ejabulisa khona inqwaba yezihlwele.

OLUNYE UDABA:Marvels of Mzansi: Ingqephu ibihamba phambili koweHollywoodbets Durban July 2025

“EKZN, kuhlezi kuyintokozo ukuba sekhaya! Nginento enkulu engiyilungiselele ingane zakwethu kwiHollywoodbets Durban July. Kuzoba kuhle kakhulu, ngithemba ukunibona nonke lapho!” esho.

Abanye abaculi asebeqinisekisile ukunandisa eHollywoodbets Greyville Racecourse kwiDurban July; yi-Mi Casa, uWill Rayz, uWill Linley, u-Angel Mazibuko, i-Supreme 3 kanye noTamara Dey.

Ngale komjaho wamahhashi osezingeni lomhlaba abathandi bamahhashi nezivakashi bangalindela ingqephu ephezulu, umculo omnandi nezinye izinhlelo zezokuzijabulisa.