URamaphosa uqoke u-Advocate Andy Mothibi njengomphathi omusha wezokushushisa

UMengameli uCyril Ramaphosa uqoke u-Advocate Andy Mothibi njengoMqondisi Kazwelonke Wezokushushiswa Komphakathi (National Director of Public Prosecutions-NDPP) waseNingizimu Afrika.

UMothibi, njengamanje usahola i-Special Investigating Unit (SIU), kanti uzoqala ukusebenza ngomhlaka-1 February 2026.

OLUNYE UDABA: UMengameli Ramaphosa usewutholile umbiko weKhomishana kaMadlanga

Lesi sinqumo silandela inqubo yokukhetha eyayiholwa yiphaneli yokweluleka enikezwe umsebenzi wokuphakamisa abantu abafanelekayo.

Kodwa-ke, ekugcineni iphaneli ithole ukuthi akekho noyedwa kulabo abenza inhlolokhono ofanelwe yilesi sikhundla kubona nokwenze kwanzima ukuthola umuntu ozongena esikhundleni sika-Advocate Shamila Batohi we-NDPP ophumayo.

U-Advocate Mothibi ufika nesipiloyoni seminyaka emningi kwezomthetho, njengoba ngaphambinili wake wasebenze njengomshushisi womphakathi, umantshi, kanye nesikhulu esiphezulu sezomthetho.

Waqala umsebenzi wakhe njengomshushisi womphakathi ezinkantolo zemantshi zaseGoli naseSoweto kanye nezifunda, ngokuhamba kwesikhathi waba ngumantshi kulezo zinkantolo ezifanayo. Emkhakheni wakhe wokusebenza kubalwa nokuba yinhloko yezinsizakalzo zezomtetho nokuphatha kwa-South African Revenue Service (SARS).

UMengameli uRamaphosa ubonge u-Advocate Batohi ngomsebenzi wakhe, ephawula izinselelo ezibalulekile abhekane nazo ekuholeni i-National Prosecuting Authority (NPA). Ukuhamba kwakhe kuphawula ukuphela kwesikhathi esibalulekile se-NPA, kanti ukuqokwa kukaMothibi kuphawula ukuqala kwesahluko esisha ekushushisweni komphakathi.

UBatohi igcina ngomhlaka-31 January 2026 ukusebenza njengoMqondisi Kazwelonke Wezokushushiswa Komphakathi.

UMengameli uCyril Ramaphosa uqoke uLeonard Lekgetho, njengebamba lenhloko ye-Special Investigating Unit (SIU) kusukela ngomhlaka-1 February kulandela ukuphakanyiswa kuka-Advocate Andy Mothibi ukuba ahole i-National Prosecuting Authority (NPA).

URamaphosa lokhu ukwenza ngokushesha ukuqinisekisa ukuqhubeka kwenhlangano eqeda inkohlakalo.

IOL IOL