Izinhlelo zokuqoka ibhunu njengenxusa lakuleli e-US zidala uqhekeko ku-ANC

I-ANC ihlukene phakathi ngoMengameli Cyril Ramaphosa ocabanga ukuqoka iBhunu elimhlophe njengeNxusa elisha laseNingizimu Afrika e-United States.

Ngokwemithombo egqame kakhulu kuleli qembu, lesi senzo sithathwa njengemizamo yokulungisa ubudlelwano noMengameli waseMelika, uDonald Trump, oke wagxeka iNingizimu Afrika ngodaba lokuphathwa kwabalimi abamhlophe.

Amagama amenyezelwe kulesi sikhundla ahlanganisa naloyo owayenguNgqongqoshe Wezokuvikela kanye Nomakadebona Bezempi uRoelf Meyer nowayengumholi we-National Party (NP) uMarthinus Van Schalkwyk.

OLUNYE UDABA: I-US inike inxusa laseNingizimu Afrika amahora angu-72 ukugoduka

UMeyer, owabamba elikhulu iqhaza ezingxoxweni zeCodesa ekuqaleni kweminyaka yango-1990, kuthiwa unobudlelwano noRamaphosa kanti uVan Schalkwyk nguye owahola ukuhlanganiswa kwe-NP yangaleso sikhathi kuKhongolose kwathi ngokuhamba kwesikhathi waba nguNgqongqoshe wezokuVakasha. Wesula ephalamende ngo-2014.

Umthombo uthe nakuba lolu daba belungaka khulunywa kangako isigungu esiphezulu se-ANC, kodwa luke lwadingidwa emaphaseji abanye bethi ukuqoka iBhunu kuzobe kuvumelana nezinsolo zokuthi amaBhunu ayacwaswa ezweni.

Uthe ingxenye ye-NEC inombono wokuthi ukukhetha umholi wamaBhunu ohambisana ne-ANC kungaba yisinyathelo esiphusile sokulungisa ubudlelwano ne-US.

Nokho akuwona wonke umuntu ongaphakathi ku-ANC onesiqiniseko sokuthi ukuqoka iBhunu elimhlophe kuyisinyathelo esifanele.

“UMengameli uqale waveza udaba mayelana nokuqokwa kweBhunu elihlobene kakhulu ne-ANC, nabanye ozakwabo asondelene nabo bethi kuzoqala izinkulumo ezingenasidingo neWashington. Nokho ingxenye enkulu ye-NEC iyaphikisana nalokho,” kusho umthombo.

IOL

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)Edit

One thought on “Izinhlelo zokuqoka ibhunu njengenxusa lakuleli e-US zidala uqhekeko ku-ANC

  1. **mitolyn**

    Mitolyn is a carefully developed, plant-based formula created to help support metabolic efficiency and encourage healthy, lasting weight management.

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *