Kunxuswe ukuba kube nokuthula nokuhlonipha iSilo kwimbizo ebibizwe nguMkhwanazi

Uhlukanise inhloko nesixhanti uNgqongqoshe woMnyango wezoBusa ngokuBambisana neziNdaba zoMdabu, uMfundisi Thulasizwe Buthelezi, odabeni lombango wobukhosi obebubonakala bufufusa eMtubatuba.

Kwimbizo ebeyibizwe nguMkhuzi wamaphoyisa esiFindazweni, uLt. General Nhlanhla Mkhwanazi ebeyibanjelwe eDukuduku, uNgqongqoshe Buthelezi, uthe kakumele kube nombango njengoba uMnu Ncube owaqokwa yiSilo njengeSo laso ebese ethi uyinkosi.

“Njengoba silapha simele uhulumeni, uhulumeni osebenza ngemithetho. Ngokubhalwe phansi isizwe sabaKhwanazi sinezigodi ezingu-30. Izigodi esezisuse umsindo uMnu Ncube athi uyinkosi kuzona iDukuduku, Khulanobathiya neZwelisha zingaphansi kweNkosi Ntokozo Mkhwanazi,” kusho uNgqongqoshe Buthelezi.

OLUNYE UDABA: Kuxwayiswa abase-KZN ngemvula enamandla kule mpelasonto

Ube esenxusa ukuba kube nokuthula nokuhlonipha iSilo.

“AbaKhwanazi baziwa ngokuhlonipha futhi ningabaseNdlunkulu nani umlando niyawazi.

Kakumeleke kube nabantu abathuka isihlalo egameni lenu. Akekho futhi umuntu obekwe yiSilo wathi uyinkosi, ngoba lowo oqokwe njengeSo bekumele aqale alinde sona iSilo simtshele umsebenzi wakhe angabe esebamba imihlangano nomphakathi ezibiza ngenkosi,” kusho uShenge. Uqhube wathi iSilo sazibizela sona iNkosi uMkhwanazi ukuba lizomenzela usiko lokuthela amanzi ngoba sazisa khona ukuthi abaKhwanazi bangabaseNdlunkulu.

“Sasingeke iSilo senzele inkosi lolusizo sibe sisazobeka enye inkosi. Khululekani-ke baKhwanazi, yinye inkosi kwaMpukunyoni,” kusho uShenge.

ULt. Mkwanazi uthe unqume ukubiza Inkosi Sifiso Shinga onguSihlalo weNdlu yabaHoli boMdabu noNgqongqoshe Buthelezi ukuba bazochaza ngemithetho elawula ubukhosi.

“Esingakufuni njengamaphoyisa udlame nokuyikho okwenze sangenelela ngoba kukhona nabese bevala umgwaqo omkhulu uN2 kuphazamiseka abawusebenzisayo,” kusho yena.

– KZNCOGTA