

I-National Consumer Commission (NCC) iqinisekisile ukuthi uphenyo lwayo ngamakhemikhali anobuthi atholakala emikhiqizweni yokuya esikhathini manje selubala nama-tampon.
Uphenyo luqale lwagxila kuma-sanitary pads kanye nama-panty liner.
OLUNYE UDABA: Abakwa-VW nabakwaMercedes-Benz bacela kubuyiselwe emuva izimoto ‘ezinenkinga’
Ucwaningo lwe-University of the Free State luthole ukuthi eminye imikhiqizo yokuya esikhathini ingase ibe namakhemikhali anobuthi ahlobene nezinkinga zempilo ezingaba khona kwabesifazane.
I-NCC ihlola ukuthi abahlinzeki bayahambisana yini neZigaba 55 no-24 zoMthetho wokuVikelwa kwaBathengi, edinga ukuthi imikhiqizo iphephe futhi ifaneleke ngenhloso.
Izinkampani zicelwe ukuthi zenze ezinye izivivinyo noma zithumele imiphumela yakamuva yaselebhu ukuze ibuyekezwe.
I-Khomishana ithe izothatha isinqumo ngokubuyiselwa emuva kwemikhiqizo uma isiqedile ukuhlola.
