
Abalandeli baebhola lezinyawo KwaZulu-Natal bathi ziyaqaqamba izinhliziyo ngokuxoshwa kwe-Royal AM ku-Premier Soccer League.
Ubulungu beqembu lebhola ebelibhekene nezinkinga buqale ukubhekisiswa kuleli sonto ngemuva kokuthi lifakwe ngaphansi komlawuli wakwa-SA Revenue Service (SARS).
OLUNYE UDABA: I-PSL isisithathile isinqumo ngodaba lweThwihli thwahla
Lokhu kuza ngemuva kwesikweletu sentela okuthiwa singu-R40 million wamarandi esikweletwa ngumphathi wayo, usomabhizinisi waseThekwini, uShauwn Mkhize.
NgoLwesine, ibhodi labaphathi be-PSL livumile ukuyixosha le kilabhu.
Laba balandeli baseThekwini bathi baphatheke kabi ngalesi sinqumo.
“Sidinga amaqembu amaningi aseKwaZulu-Natal ngoba siyazi ukuthi sinethalente eliningi.
“I-KZN iyisifundazwe esikhulu. Umlando uyazikhulumela; sesikhiqize abadlali abaningi abasezingeni eliphezulu,” kusho umlandeli.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit
