Kuboshwe abantu abangaphezu kuka-900 ezweni lonke kulandela imashi yokulwa nokufuduka

Amaphoyisa abophe abantu abangaphezu kwabangu-900 kulandela imashi yokulwa nokufuduka ezweni lonke ngoLwesibili.

Ibamba likaKhomishana kaZwelonke uPuleng Dimpane uxoxe nabezindaba ngokusebenza kwamaphoyiaa ophiko lwe-SAPS ngalolu suku.

UDimpane uthe, isifundazwe saseWestern Cape, sase-Eastern Cape, yiFree State kanye nesaKwaZulu-Natal ngasinye siqophe ukuboshwa kwabantu abangaphezu kwabangu-100.

OLUNYE UDABA: Sekujutshwe amasosha ukuqapha isimo eClermont

“Kuboshwe abantu abangaphazu kwabangu-900 ngoLwesibili ngesikhathi kuqhutshwa umsebenzi. Iningi lalabo ababoshiwe bekungabantu bokufika ngokungemthetho kanye nokuphanga ngenxa yemisebenzi yokuphoqelela umthetho eyenziwa kanye nemibhikisho. Abanye baboshelwe udlame lomphakathi, abanye ngokugcina abokufika ngokungemthetho, ukuphanga amabhizinisi ezitolo(spaza shop).”

UDimpane uthe ukuboshwa kubonisa ukulungela kwamaphoyisa kanye nokusebenza kahle ngesikhathi semibhikisho.

“Lokhu kuboshwa kukhombisa ukuthi izinhlaka zethu zokuphoqelela umthetho azizange zibe yizithombe, bezisebenza ngokuzikhandla, futhi zisebenza kahle. Labo ababefuna ukusebenzisa imibhikisho yangosuku lwangoLwesibili, 30 June 2026 ukwenza ubugebengu babonakalile, balandelwa, balethwa phambi komthetho.”

EWN