
Abazali bomdlali osemncane ongaconsi phansi kubalandeli be- Orlando Pirates uRelebohile Mafokeng sebezwakalise ukuthi njengoba kuzoqala isizini entsha ka-2025/26 bayafisa ukuthi ingane yabo beyibone igijima kunoma iliphi iqembu lase-Europe.
UBaba kaRelebohile Mafokeng, uSechaba Mofokeng, uthi uyaziqhenya kakhulu ngengane yakhe ngendlela ezikhombisa ngayo enkundleni futhi ufisa ingane yakhe ihambe ibanga elide ebholeni.
OLUNYE UDABA: Injabulo iSundowns inqoba umdlalo wokuqala weFIFA Club World Cup
URele ugqame kweZimnyama ngaphansi kobuholi bukaJose Riveiro ngesizini ka-2022/2023 nalapho efike eqenjini elikhulu wazibonakalisa khona njengoba ephinde ebeseqenjini lesizwe eliholwa uHugo Broos.
Njengamanje akucaci ngekusasa likaMofokeng njengoba kunamaqembu aseSaudi Arabia azimisele ngaye.
Nakuba kunjalo abazali bakaMofokeng bayasho ukuthi yebo lo mdlali mangase eye kwelinye lamaqembu eSaudi Arabie uzoba nayo imali kodwa bathi akusizi ukujabulela imali ekubeni la okhona ungajabule, umthandazo wakhe ukuthi njengoba kuzoqala isizini entsha ebe esewelile waya Phesheya.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
