Eminye imindeni isiqala ukulahlekelwa yithemba ngezihlobo ezingatholakali e-E Cape

Eminye imindeni yase-Eastern Cape ithe isiqala ukulahlekelwa yithemba lokuphinde ibonane nezihlobo zayo zisaphila njengoba kuqhubeka umkhankaso wokutakula izindawo ezikhungethwe yizikhukhula.

Kuze kube yimanje, bangu-88 abantu okuqinisekiswe ukuthi bashonile ngemuva kwezikhukhula ezidale umonakalo ngesonto eledlule.

Isibalo esiqondile sabantu abalahlekile asaziwa okwamanje.

Kuphinde kwacekelwa phansi amakhaya nezinye izingqalasizinda okubalwa imitholampilo, izikole namabhuloho njengoba izindawo eziseMthatha namaphethelo zikhahlamezeke kakhulu.

OLUNYE UDABA: Sesiphinde sanyuka isibalo sabashone ngenxa yezikhukhula e-E Cape

Yize amanye amalungu omndeni eseqalile ukuhlonza izidumbu zabathandiweyo babo emakhazeni aseMthatha, abanye bathi balungiselela noma yikuphi.

Ubaba okhungathekile, uMusa, ungomunye walabo asebejoyine ithimba labatakuli bethungatha indodakazi yakhe eneminyaka engu-16 ubudala, u-Asibongile.

“Asikayitholi le ngane, sizoqhubeka nokubheka kodwa asazi ukuthi sizoyitholaphi ingane yethu.

“Asazi noma usaphila yini sesiqala ukulahlekelwa yithemba manje. UNkulunkulu kuphela owaziyo.”

EWN

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)