Kushone ubaba nendodana engozini yemoto ku-N3

Abezimo eziphuthumayo bagcwele imigwaqo yaKwaZulu-Natal njengoba sekusongwa umpelasonto ende.

Kushone indoda nebhungu emuva kokuthi imoto abebehamba ngayo ibandakanyeka engozini eyenzeke ku-N3 ngaseMgungundlovu izolo ebusuku.

Kukholakala ukuthi ubaba nendodana.

OLUNYE UDABA: IZITHOMBE: Kugingqike imoto ebiyebiwe eVerulam

UCraig Botha weKwaZulu Private Ambulance Service uthi omunye wabo ushone ngaphambi kokuthi kufike abosizo lokuqala.

“Abezimo eziphuthumayo baphuthume banikeze abanye abantu ababili usizo lwezempilo endaweni yesehlakalo, omunye wabo ulimale kanzima kanti omunye usesimeni esibucayi.

“Ngeshwa, lo obesesimeni esibucayi kugcine kumenele ngenxa yesimo abelimale ngaso.”

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)