UPaul Mashatile ukhuthaze intsha ukuba iqale amabhizinisi

ISekela likaMengameli uPaul Mashatile uthe ukungena ebhizinisini kuwukhiye wekusasa elingcono, esho ngenxa yezibalo eziphezulu zabantu abangasebenzi.

UMashatile ubethula inkulumo yosuku esikhumbuzweni soSuku Lwentsha lukazwelonke e-Potchefstroom esifundazweni saseNyakatho Ntshonalanga.

ISekela likaMengameli lengeze ngokuthi kubalulekile ukuhlomisa abantu abasha ngamakhono adingekayo ukuze babe osomabhizinisi, kuphumelele umphakathi.

OLUNYE UDABA: Ungqongqoshe wezokuThutha uxwayisa intsha ngezingozi zomgwaqo ngoJune

“Namuhla, sihlonipha intsha enesibindi futhi engesabi eyahamba phambili emzabalazweni wenkululeko ngoJune 16, 1976.

“Kungakhathalekile isimo sayo sobusha, intsha yango-1976 yama yaqina ngesikhathi ibhekene nenqubo yengcindezelo yombuso wobandlululo.

“Babhekana nokufa ngqo bekhuthazwa umbono wamalungelo alinganayo kanye nomphakathi onobulungiswa.”

SABC

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)