
UMnyango Wezemfundo waKwaZulu-Natal unxusa bonke abazali abasafunela izingane zabo izikhala ezikoleni noma ngabe ufunela umfundi oyokwenza uGrade 1, Grade R noGrade 8 ukuba baye emahhovisi esifunda aseduze nabo ukuze bathole usizo kanjalo nalabo abafunela amanye amabanga.
UMnyango uqinisekisa ukuthi ama-District and Circuit Placement Committee asebenza ngokugcwele futhi ayaqhubeka nokucubungula imibuzo emayelana nokufakwa kwabafundi ezikoleni.
OLUNYE UDABA:“Asikho nesisodwa isifunda nesikole esithole u-0% esifundazweni”
La makomidi azibophezele ngokusekela abazali nokuqinisekisa ukuthi bonke abafundi bafakwa ezikoleni ezifanele lapho kutholakala khona izikhala.
UMnyango Wezemfundo waKwaZulu-Natal usalokhu uzibophezele ekuqinisekiseni ukufinyelela kwezingane kwimfundo eyisisekelo nesezingeni eliphezulu kanti futhi ukhuthaza abazali ukuthi baxhumane nezikhulu zomnyango kusenesikhathi ukuze inqubo yokufakwa kwabafundi ezikoleni ibelula.
