
Kubonakale zijike ekugcineni izinhlelo zomqeqeshi we-Orlando Pirates, uJose Riveiro okhishwe kowandulela owamanqamu kumqhudelwano we-Caf Champions league, nalapho ezimnyama zishaywe khona ngamagoli amathathu kwamabili yi-Pyramids yaseGibhithe.
URiveiro uthi kube buhlungu kakhulu ukubona ephuma kulo mqhudelwano, ube esebonga abadlali bakhe indlela abazinikele ngayo kulo mdlalo.
OLUNYE UDABA: OwePirates uzibona kowamanqamu ezakhe kwi-CAF
Ezimnyama ziphume kulo mqhudelwano nje besekusele kancane ziqophe umlando wokuthatha inkanyezi yesibili ye-Caf champions league, umdlalo wamanqamu we-Caf uzodlalwa yiMamelodi Sundowns Kanye nayo iPyramids.
URiverio ozoshiya ezimnyama ekupheleni kwesizini, sekubhekwe ukuthi avalelise leli qembu ngesicoco seNedbank cup njengoba bezodlala kowamanqamu neKaizer Chiefs eMoses Mabhida Stadium ngomhlaka 10 May 2025.
– Andile Andizo Mthembu
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
