
UMengameli uCyril Ramaphosa uthi uhulumeni ugxile ekuthuthukiseni ukuphathwa kwabokufika kanye nokuvikela imingcele yaseNingizimu Afrika, wengeza ngokuthi ayikho indawo yokucwaswa kwabokufika.
UMengameli uthi ihhovisi lakhe ligxile ekuqiniseni ukuphathwa kwabokufika kanye nokuvikela imingcele yaseNingizimu Afrika.
URamaphosa wethule isabelomali seHhovisi likaMengameli ePhalamende Likazwelonke ngoLwesibili.
OLUNYE UDABA: IMarch and March ithi ikulungele ukuvala izwe
UMengameli ugcizelele isidingo sokusekela umthetho, ukwenqaba ukucwaswa kwabokufika, kanye nokukhuthaza umphakathi osekelwe ngenhlonipho, isithunzi kanye nokubumbana komphakathi.
“Ukufuduka kungasiza ekukhuthazeni ukukhula komnotho kanye namathuba kubo bonke abantu. Kepha-ke, sibonile ukuthi ukufuduka okungekho emthethweni ezweni lethu kungacindezela kanjani izinsizakalo zethu zomphakathi futhi kuphazamise imizamo yethu yokudala umsebenzi omuhle kubo bonke.
UMengameli uRamaphoysa uthi kunesidingo sokuba kubhekwane nokufuduka okungekho emthethweni.
