Izakhamuzi zelulekwa ngokuthi zikugweme ukuthatha uhambo olungenasidingo

Amathimba abhekelele izinhlekelele KwaZulu-Natal asiqaphileisimo njengoba lesi sifundazwe sibhekene nengwadla yokuna kwemvula enamandla.

ISouth African Weather Service isikhiphe isexwayiso sika Level 4 ngemvula engase idale izikhukhula nomonakalo kwingqalasizinda.

OLUNYE UDABA: Isexwayiso sesimo sezulu sakusasa

Iziphathimandla zicela abantu ukuthi bakuthathele phezulu ukuxwayiswa ngesimo sezulu.

Izakhamizi zixwayiswa ukuthi ziqaphile ziphinde zikugweme ukuwela imifula edlangile nokuthatha uhambo olungenasidingo. Izibikezelo zezulu zixwayisa ngemigwaqo engase ibe nezikhukhula, ukungaboni kahle kanye nezingozi zezakhiwo.

Izindawo ezithintekile kubalwa iTheku, iLembe, uMgungundlovu, Ugu naseHarry Gwala.

eNCA

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *