Kubikwa ukuthi iKZN iyona ehamba phambili ngezibalo zokubulala ezikoleni

UNgqogqoshe wezeMfundo eyisiSekelo, uSiviwe Gwarube, uthi izikole zaKwaZulu-Natal zihamba phambili ngezibalo zokubulawa kwabantu ngonyaka wezimali ka-2023/2024.

UGwarube wethule umkhankaso omusha wezokuphepha ezikoleni namaphoyisa kazwelonke eKapa ngoLwesibili.

Lo mkhankaso uhlose ukubhekana namazinga ashaqisayo odlame nobugebengu ezikoleni.

“Kube nezigameko zokubulala ezingu-28 ezikhungweni zethu zemfundo eyisisekelo. Kuyethusa ukuthi cishe isigamu salezi zigameko zenzeke KwaZulu-Natal, kanti u-46% walezi zigameko zokubulala ubandakanya udlame lwabafundi,” kusho uGwarube.

OLUNYE UDABA: Umnyango wezeMfundo eKZN ugxeka isigameko sokulwa esikoleni saseLakehaven

“Izingxenye ezimbili kwezintathu zokudlwengulwa ezikoleni zethu zibandakanya udlame oluphakathi kwabafundi, kanti zingaphezu kuka-11 000 izigameko zokugqekezwa kwezindlu ngalowo nyaka wezimali.”

UGwarube uthe kuzokwakhiwa ikomiti esikoleni ngasinye elizoba nothishanhloko, yibhodi elingamele isikole namaphoyisa.

Bazosebenzisana ukuqinisekisa ukuthi izikole zixhumene neziteshi zamaphoyisa ezindawo.

UGwarube uphinde wathi,”leli komiti lizophinde libe nomsebenzi wokuqinisekisa ukuthi izigameko zobugebengu ziyabikwa emaphoyiseni. Siphinde senza izinhlelo zokunqanda ubugebengu ezikoleni ezibhekelela udlame lobulili, ubuqhwaga, ubugebenga, ukusetshenziswa kabi kophuzo oludakayo nezidakamizwa kanjalo nokutholakala nezikhali.”

Newswatch

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)