
: Inhlangano evikela izingane isicele ukuthi kwenqatshwe ibheyili ecaleni elibhekene nezithandani zaseGauteng ezisolwa ngokusabalalisa izithombe zocansi zezingane.
UDarren Wilken nentombi yakhe, uTiona Moodley, bazobuyela enkantolo yaseRandburg ngoLwesibili ukuyofaka isicelo sebheyili.
Ukuboshwa kwabo kulandela ukutholakala kwama-video angekho emthethweni angaphezu kwezigidi eziyishumi nezithombe zezingane emzini kaWilken eMidrand esikhathini esingangesonto eledlule.
Lesi sigameko silandela uphenyo olwenziwa amaqembu aphesheya.
UMiranda Jordan, owenhlangano ye-Women and Men Against Child Abuse, ubona ukuthi leli cala kufanele lidlulele enkantolo enkulu.
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
