
INkantolo ePhakeme yaseThekwini, igwebe uSphamandla “Chillies” Gumede oneminyaka engu-30 ubudala kulandela ukutholakala enamacala okubulala abantu abahlanu, ukuzama ukubulala nelokuphanga.
UGumede ugwetshwe izigwebo ezinhlanu zodilikajele kanye neminyaka engu-40 ebhadle ejele ngamacala awenza eMlazi ngoNovember 2023.
Kwadutshulwa kwabulawa abantu abayisithupha ngemuva kokushaya kwamabili ebusuku, bebulawa emjondolo yase-Uganda eMlazi.
OLUNYE UDABA: Uyagwetshwa umbulali kaSindiso Magaqa
Kula bantu kwasinda oyedwa kwaphangalala abahlanu. Abaphenyi be-Provincial Murder and Robbery Unit baya endaweni yesigameko babe sebeqhubeka nophenyo.
Umsebenzi wophenyo waholela abaseshi ejele laseQalakabusha lapho okwakuboshwe khona umsolwa ngecala elehlukile, lokubulala alenza eShowe.
Umsolwa wabe esebekwa icala lokubulala abantu abahlanu, icala elilodwa lokuzama ukubulala kanye namacala amabili okuphanga.
Abaphenyi bamaphoyisa baphumelela ekuphikisaneni nesicelo sakhe sebheyili futhi wagcinwa ejele kwaze kwaba usuku lokugwetshwa kwakhe.
