
Abalandeli bebhola bayilindele ngabomvu impelasonto njengoiba iDolobha lilungiselela ukusingatha imidlalo emibili yama-semi-final eCarling Black Label Cup.
UMasipala waseThekwini usukulungele ukusingatha le midlalo elindelwe kakhulu lapbo iRichards Bay FC izobhekena ne-Orlando Pirates, kanti iLamontville Golden Arrows izodlala neMarumo Gallants FC.
OLUNYE UDABA: IChiefs isimemezele ukuthi uNabi ngeke abonakale emdlalweni wokuqala weLigi
Imidlalo izoba ezindaweni ezimbili zemidlalo zeDolobha:
- Richards Bay FC vs Orlando Pirates
NgoMgqibelo, 8 November 2025 eMoses Mabhida Stadium
- Lamontville Golden Arrows vs Marumo Gallants FC
NgeSonto, 9 Novembe 2025 eKing Zwelithini Stadium
Yomibili imidlalo izoqala ngo-15:00 ntambama.
Amathikithi ayatholakala ku-internet kwi-website ye-Open Ticket kanye nakuzwelonke ezindaweni kaCheckers kanye ne-USAVE ngo-R80 li linye.
Abalandeli bayakhuthazwa ukuba bathenge amathikithi abo kusenesikhathi ukuze bagweme ukudumala.
Isekela likaMqondisi Wezindawo Zezemidlalo Zezentengiselwano uSijabu Ntuli uveze ukuzethemba ngokulungela kweDolobha.
“Zombili izinkundla zezemidlalo iMoses Mabhida neKing Zwelithini zikulungele ngokugcwele ukusingatha le midlalo evelele. Amathimba ethu asebenze ngokuzikhandla ukuqinisekisa ukuthi zonke izikhungo zihlangabezana nezindinganiso eziphakeme zokuphepha, ukuhlanzeka kanye nenduduzo. Siyajabula ukwamukela abalandeli abavela kulo lonke izwe ukuzojabulela ibhola lezinyawo elisezingeni lomhlaba eThekwini.”

