Inyanga yodumo ibonga umuthi wayo wesizulu ngokuvikeleka idutshulwa eMlazi

Inyanga edumile eyake yabonakala ohlelweni kuthelevishini uMnakwethu, uAndile “Mzimbokhalimali” Dlamini ubonga umuthi wakhe wesizulu ngokumvikela.

Lokhu kuza ngemuva kokuba le nyanga yakwaNongoma KwaZulu-Natal isinde bezama ukuyibulala endaweni yaseMlazi eningizimu yeTheku ngesikhathi oshayasibhamu bevulela ngenganono bebhekise emotweni yakhe emhlophe yohlobo lweToyota Fortuner.

Ngeshwa, lo melaphi ochomayo odume ngokugqoka isudi yakhe elenga imali yamaphepha engo-R100 no-R200 uphunyuke engenamyocu.

Yize kunjalo, imoto kaMzimbokhalimali isale imagqobhogqobho yizinhlamvu zesibhamu.

OLUNYE UDABA: Kudutshulwe kwabulawa abebefunelwa amacala okubulala eMlazi

UMzimbokhalimali, obesanda kubonakala ohlelweni uMnakwethu kuMzansi Magic utshele iDaily Sun ukuthi namanje akazi ukuthi ubani lo obefuna kuthi ayolusa amadada.

“NgeSonto lwangomhlaka-04 April, ngangilapha abantu eThekwini ngasebenza kwaze kwahlwa. Ngadedela onogada bami ukuba bahambe bayophumula njengenjwayelo.

“Ngesikhathi ngishayela eMlazi eduzane nasenxanxathela yezitolo iMegaCity nasehostela iGlebelands ebusuku ngabona ukuthi kukhona imoto engilandelayo. Ngesikhathi sesizoma emarobhothini ngezwa kuqhuma izibhamu. Ngabe sengibona ukuthi amadoda adubula imoto yami,” kusho yena.

Uthe oshayasibhamu badubula imoto yakhe amahlandla amaningi ayishiya inezimbobo eziningi zezinhlamvu kodwa awazange angithole mina.

“Ngenhlanhla, uma ngihlanganisa umuthi wami wesizulu, ngihlezi ngiqiniseka ukuthi ngiyazivikela nomndeni wami ukuthi ngingadubuleki.

“Kulesi sigameko, umuthi wami wesizulu namathonga ami asebenza kakhulu ukungivikela, ngibonga noNkulunluku ukuthi wangivikela naye,” esho.

UMzimbokhalimali uthi nakuba amaphoyisa afika endaweni yesigameko, akazange alivule icala njengoba ayesashaqekile.

Nokho, amaphoyisa amcebisa ngokuthi ayovula icala.

Ukuphawula kwamaphoyisa akutholakalanga kwaze kwayisikhathi sokushicilela.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)Edit

One thought on “Inyanga yodumo ibonga umuthi wayo wesizulu ngokuvikeleka idutshulwa eMlazi

Leave a Reply

Your email address will not be published. Required fields are marked *