Odilikajele abawu-4 kowadlwengula amadodakazi akhe

INkantolo yeSifunda Eshowe igwebe indoda eneminyaka engu-41 odilikajele abawu-4 ngecala lokudlwengula amadodakazi ayo amane eHluhluwe.

Izigameko zenzeka phakathi konyaka wango-2015 no-2019 ngesikhathi izingane zineminyaka ephakathi kwemibili ubudala kuya kwengu-8 ubudala.

Ummangalelwa unguyise wezingane wegazi futhi wayehlala nazo nonina. Wayezidlwengula uma unina engekho.

Izisulu zithe uma bedlala phandle uyise wayebabizela endlini abadlwengule. Wayebasabisa ukuze bangabiki ngodaba.

Udaba lwaze lwabikwa wumama wezingane ngemuva kokuqaphela ukulimala ezithweni zangasese. Ummangalelwa waboshwa esekhaya lakhe eHluhluwe.

Ummangalelwa wawaphika wonke amacala. Umshushisi, uKacey Pillay ubize izisulu zafakaza ukuthi badlwengulwa izikhawu eziningi.

OLUNYE UDABA: Udilikajele kolahlwe ngecala lokudlwengula

Nakuba umama wezingane washona lingakaqedwa icala kodwa umshushisi ufake isicelo sokuthi isitatimende sakhe samukelwe njengobufakazi ngokuka-Section(3)(1)(c) of the Hearsay Evidence Act.

Ufakazi owazibonela uhambisana nobufakazi bukamama wezingane. Kwethulwa nobufakazi bombiko kadokotela i-J88.

Umbuso ukhona isigwebo esiqinile, wethule izitatimende zabagilwa abazibhale beluswe wu-Amanda Pretty Nxumalo oyi-Court Preparation Officer.

Omunye wezisulu uthe yena ubehlala ejabule edlala kodwa manje usehlala edangele. Uthe akasabethembi abantu besilisa. Omunye uthe isigameko simphazamise kakhulu usehlala ecasukile. Omunye uthe uyamzonda ummangalelwa ngalokhu akwenzile.

Ummangalelwa ugwetshwe udilikajele ngecala ngalinye lokudlwengula. Ngaphezu kwalokho inkantolo inqume ukuthi igama lakhe lifakwe ohlwini lwabanukubeza ngokocansi. Inkantolo inqume nokuthi akafanelwe wukuba nemvume yokuphatha isibhamu.

I-National Prosecuting Authority(NPA) iyasemukela isigwebo. Ummangalelwa wayewumzali okwakufanele avikele izingane zakhe kodwa wazihlukumeza.

I-NPA izibophezele ukulwela abagilwa abayizingane bathole ubulungiswa. Sizoqhubeka silwele amalungelo nesithunzi sezingane, kusho isitatimende.

Sithole ezinkundleni zokuxhumana

Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm

Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-Twitter)