
Iziphathimandla zisola ukuthi kuqubuke ilangabi lomlilo eGrey Street Mosque enkabeni yeTheku.
Kukholakala ukuthi indawo okugcinwa kuyo impahla kuleli thempeli eliku-Dr Yusuf Dadoo Street lithungeleke ngomlilo namuhla ekuseni.
USifiso Mtshali wezicishamlilo kuMasipala weTheku uthe bathole izinhlobonhlobo zezinto ezihlanganisa amapuleti, amashidi nezingubo zokugqoka kule ndawo.
UMtshali uthe akekho olimele kulesi sigameko.
OLUNYE UDABA: Kushone owesifazane nosana kusha imijondolo ekuKennedy Road eThekwini
“Sikwazile ukukhipha bonke abantu abebengaphakathi kuleli bhilidi sabayise endaweni ephephile. Sikwazile ukunqanda umonakalo esakhiweni okubikwe ukuthi siyasha. Azikho ezinye izakhiwo ezithintekile.”
UMtshali uthi izicishamlilo zibhule ilangabi esikhathini esingangehora.
“Imbangela yomlilo izokwazeka uma sekwenziwe uphenyo nakhona lwenziwa ngumuntu onolwazi ukuze kutholakale isiqiniseko sokuthi yini edale umlilo.
“Kodwa sinazo izinsolo zethu, futhi zigxile emlilweni elivulekile, mhlawumbe ugwayi, umentshisi, noma okuthile okungenzeka kuqale umlilo.”
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
