
IMeya yeTheku, uCyril Xaba, ithi ukuthuthukiswa kwedolobha eShongweni kuzoqhubeka nokudala amathuba emisebenzi emiphakathini yasentshonalanga yeTheku.
Namuhla iMeya yeTheku ivule inxanxathela yeziloto iWestwon ngokusemthethweni Square.
Le nnxanxathela yezitolo iyisigaba sokuqala sale ndawo, eyakhiwe eduze komgwaqo omkhulu u-N3 phakathi kweTheku noMgungundlovu.
OLUNYE UDABA: URamaphosa usole izinkampani ezihlinzeka amanzi ngamathangi ngokucekela phansi ingqalasizinda
INewswatch ibika ukuthi kuzobandakanywa nezindawo zokuhlala, isibhedlela kanye nesikhungo sebhizinisi.
UXaba uthi sekutshalwe imali engu-1.5 billion wamarandi kulesi sikhungo, kanti iDolobha lifake u-600 million wamarandi kwingqalasizinda enkulu eminyakeni emithathu.
Uthi le ntuthuko imelane nezinhlekelele zemvelo nezinye izinselelo.
Umholi womphakathi Inkosi Shozi uthi le phrojekthi ilethe amathuba emsebenzi adingekayo ezindaweni ezikhungethwe yizinga eliphezulu lokuntuleka kwemisebenzi.
Izikhulu zithi bangaphezu kuka-1 000 abantu asebeqashwe kule phrojekthi, kanti ingu-451 imisebenzi eyakhangiswa eWestown Square.
UShozi uthe:” Ngiyethemba ukuthi kuzoqhubeka ngoba umsebenzi awukapheleli. Abathuthukisi basazokwakha enye intuthuko, njengezindlu okuyinto esazokwenzeka kule ndawo.”
IZITHOMBE:
Sithole ezinkundleni zokuxhumana
Landela kwi – WhatsApp Channel yethu Izwi Lomzansi 98.0fm
Slandele ku-Facebook no-X (owayekade engu-TwitterEditEditEdit
