Owezokuthutha eKZN ucacisa ngolwezibhamu ezitholakale kwisivimbamgwaqo

UMnyango Wezokuthutha e-KZN usucacisile ukuthi umdayisi wezibhamu omiswe kwisivimbamgwaqo ebesiseMariannhill Toll Plaza ngoMsombuluko ubekwe icala lokwephula uMthetho Kazwelonke Wezokuthutha Emgwaqweni.

Umnyango uthi akaboshwanga, njengoba bekubikiwe ngaphambilini.

Ngesikhathi kuqhutshwa umsebenzi i-#NenaniLaEzweni entshonalanga yeTheku, amalungu e-RTI amise indoda kanye nephoyisa.

Umnyango uthi babehamba ngemoto ephethe izibhamu eziningi kanye nezinhlamvu ezilinganiselwe kwezingu-800.

OLUNYE UDABA: Umbiko wePhasika: Izikhulu zomgwaqo eKZN zinxusa ukuthi kuqikelelwe emigwaqeni

NgoMsombuluko, umnyango uthe la madoda amabili ahlulekile ukuveza izincwadi ezisebenzayo ngokuhambisana noMthetho Wokulawula Izibhamu.

Ngemuva kwesikhashana le ndoda ephinde ibe ngumnikazi wenkampani yonigada ikhiphe isitatimende, ichaza ukuthi esinye sezibhamu besinezincwadi kanti futhi ibiphethe nencwadi egunyaza ukuphatha isibhamu ngesikhathi isihambisa kumuntu osebenza ngezibhamu, namanye amaphepha asekelayo.

Yize kunjalo, okhulumela umnyango uthi imvume ekhishwe yile ndoda ibisiphelelwe yisikhathi nokuyinto eyenza umuntu aphule uMthetho Wokulawula Izibhamu.

USibiya uthi kuthathwe imoto yakhe ngemuva kokutholakala ukuthi ifakwe amalambu aluhlaza, ezokuphepha ngokungemthetho.

“Ngemuva kwalokho, njengomnikazi wemoto, ubekwe icala lokwephula uMthetho Kazwelonke Wezomgwaqo. Singasho futhi ukuthi uNgqongqoshe ujabule ngendlela lolu daba olusingathwa ngayo.”