Utholwe eshonile osolwa ngokubamba inkunzi imoto yemali eKranskop

Utholwe namuhla emotweni eshonile ebime emgaqweni owubhuqu eduzane neTugela River uma ubheke eNkandla umsolwa obeshisa iziqhumane ngesikhathi kubanjwa inkunzi imoto yemali enkabeni yedolobha laseKranskop ngoMsombuluko.

Kubanjwe imoto yemali, kwathathwa isamba semali esingadaluliwe kubukwa nokuthi onogada abathathu baphucwe izibhamu.

OLUNYE UDABA: Kuthungathwa izigelekeqe ezibambe inkunzi imoto yemali

Kubikwa nokuthi kudunwe izimoto ezine abasolwa abazisebeznisele ukubaleka ngazo. Abasolwa baphinde badubula bebhekise esiteshini samaphoyisa ngesikhathi sesigameko, kodwa alikho iphoyisa elithole ukulimala.

Ukuthungathwa kwabanye abasolwa okukholakala ukuthi bangu-12.

Noma ngubani ongase abenolwazi mayelana nokuthi bangakuphi abasolwa uyacelwa ukuba axhumane namaphoyisa aseduzane okanye ashayele ku-08600 10111 Crime Stop asebenzise i-MySAPS App.