Kutholwe indoda inenxeba lokudutshulwa ekhanda eVerulam

Kutholwe indoda inenxeba lokudutshulwa ekhanda ku-Estuary Drive eRiverview eVerulam namuhla ekuseni.

Amalungu onogada bakwa-Reaction Unit South Africa (RUSA) bajutshwe endaweni yesigameko ngezithuba zabo-06:22 kulandela ukuthola imibiko ngendoda edindilize emgaqweni.

OLUNYE UDABA: Ishonile indoda ewelwe yizimpahla iyotapa ukudla eduze kwaseRichmond eKZN

Ngesikhathi abakwa-RUSA befika bathole le ndoda idindilize ngasematsheni. Kuthe ihlolwa kwatholakala ukuthi inenxeba lokudutshulwa ekhanda futhi isithule.

Ngokusho kwemibiko, amalungu omphakathi athole isidumbu ngesikhathi eya emsebenzini abe esebikela iziphathimandla. Abekho abantu ababonile ukuthi kwenzekeni kanti futhi abekho abasolwa abatholakele kanjalo nezikhali.

Isisulu kukholakala ukuthi yindoda eneminyaka ebalelwa ko-50 ubudala.

Okuholele esigamekweni sokudubula akukaziwa okwamanje.

RUSA